Wednesday 24 July 2013

Booking.com

Uma uJesu Ubengabuya Namuhla, ubezoya kweliphi Isonto?



Baningi abazibiza ngokuthi bangamaKristu namuhla. Mihla nezolo, kuqubuka eziningi izinkonzo, zonke zithi ziphethe iqiniso ngevangeli nangobuKristu. Ngokokucwaninga kwe Centre for the Study of Global Christianity, kucatshangelwa ukuthi kunamahlelo angaba ngu 43000 ngo2013, ekhula ngesibalo esingu 1200 ngonyaka emhlabeni jikelele! Ukube uJesu Kristu ubengabuya namuhla, ubezoya kweliphi isonto?

Wena ucabangani? Ingabe ubezojabulela ukuya kwelamagatari, kukhal’iPiano, nesgubhu, namaTweeter, kujayivwa  kuze kujuluk’indoda, konke lokhu kwenziwa ngegama lakhe? Ubezoya kwelishumayela ngokuthi ‘nikela kakhulu ukuze uNkulunkulu akubusise’, abe ebukel’uPastor ehhamba ngonyonyovu lwe 4x4 langaphandle ehlala kwekanokusho indlu? Ucabanga ukuthi ubengajabula ebuke amakholwa enikela abe eshiya ekhaya kulanjwa ngoba kuthiwa kunikelelwa kuYe? Yona leyomoto kanokusho, ubengajabulela ukuyigibela, noma ajabulele ukumenywa kwamfundisi ebucwazicwazini kuyilapho abalandeli bakhe behlwempuzile? Ake sithi uyadlula abone esikhul’isakhiwo lesi! Naso sibizwa ngesonto lobuKristu. Uma engena uthola sigcwele izithixo okuthiwa ngesakhe nesikanina uMariya! Hhaw! Ngoba washo ngokwakhe nje ukuthi kumelwe kukhulekelwe uBaba osezulwini kuphela, manje yini le abantu abayenzayo, beqoshama uma befika kulezizithombe benza nophawu lukaBathathu emunye (Trinity)! Akazange yini uNkulunkulu abashaye abakwaIsrayeli ebathola bekhulekel’ithole legolide bethi limelel’uNkulunkulu! Uma esathi ubhekile kushiswa impepho langaphakathi, uyazibuza, “Kaze bakuthathaphi-ke lokhu ngoba angizange ngikwenze lokho nabaPhostoli bami!” Uma ebuka nje inqubo yalaph’ekhaya uyezwa ukuthi Abefundisi noma oFata abavunyelw’ukushada! Ngenxa yalokhu naba bezitika ngobungqingili kuze kuyosho kubabhishobhi babo! Azithulele angasho lutho! Uma ebuka izincwadi zomlando wabo,ufunda ukuthi babebashisa nangomlilo abantu ababetholakala benamaBhayibheli emizini yabo! eRwanda batholakala bethengisa amaHutu kwizishokobezi zamaTutsi! Eziningi zezimfundiso zabo zingamasiko obuqaba, akhulekela oonkulunkulukazi oEsther nonogwaja; kugujwa nezinsuku zokuzalwa konkulunkulu welanga bakushintsha lokho bathi uKhisimuzi, okungelona usuku azalwa ngalo, nayengakushongo kubafundi bakhe ukuba bakugubhe. Kuvelaphi konke lokhu! Kubhajadiswa izintsana lapha! Zazini izingane ngokuba ngumlandeli wakaKristu! Zifunde nini zazikhethela ukuba ziyoba ngamaKristu!   


Uma ephuma ezwe nabanye bememeza “In the name of Jesus…” Hhaw! Asondele. Uma esalalele nabo besho ngezilimi ezingaziwa-muntu! “Lokhu ke bakuthathaphi ngoba mina abafundi bami ngabapha isipho sezilimi ukuze bashumayele kwabangemaJuda. Izinhlanga ezazihlangene eJerusalema ngalezozinsuku zamangala ukuthi ‘laba ngoba ngabaseGalile, kungani sibezwa bekhuluma izilimi zakithi?’ Kwamina angizazi lezi izilimi engizizwa zikhulunywa lapha! ” Aphume adlulele phambili abone ithende linabantu abaningi. Kuyaphulukiswa la! Uma esondela kunabahlezi kumaWheelchair, eze uPastor abathinte baphile beme ngezinyawo! Kodwa ngoba wazi konke athi “Lomuntu ngoba akazange akhubazeke nje! Ubezihhambela izolo futhi wanikwa nemali ukuba athi ukhubazekile, sekelashwe kanjani? Ngibona nangu owesifazane owalapha endaweni, wonk’umuntu uyamazi ukuthi wayekhubazekile kwasekuzalweni. Kungani yena engaphulukiswanga bethi kungenxa yokuthi akanakholo! Kanti mina ngangiphulukisa abanokholo kuphela yini? Angizange yini ngiphulukise abanochoko abayishumi, kepha kwaba ngoyedwa kuphela ongibongayo? Angizange ngibabalele isono laba abawu9! Pho kungani bekhipha imali laba abaphulukiswayo ize igcwale amabhakede? Angikaze ngkhokhise noyedwa kwengangibaphulukisa ngiselapha emhlabeni! Ngezani lezipelete abafakwa zona nenyufomu yekhakhi? Angikaze ngikwenze mina lokhu? Kuvelaphi konke lokhu? Lamanyufomu agcwele kuwowonke lamasonto ngawani? Ezimhlophe, eziluhlaza, eziphuzi, kuvelaphi konke lokhu?”

Aphume athole abanye behlangene kwiHolo elincane nje. Ahlale phansi alalele, Uma ebheka la, abesifazane bazifakele amabhulukwe. Amakhosikazi ayashumayela phambili! Esabamb’ongezantsi uzwa kushunyayelwa ngobungqingili. “Kuyamukeleka kuNkulunkulu.” Kwayena lomfundisi ungungqingili. Esath’ucabang’ukuthi yinkonzo kanti ngumshado. Hhaw! Kungena amadoda amabili abambene ngezandla, athul’acabange ukuthi baseza omakoti. Esalindel’ukubona omakoti ezwe sekuthiwa, ‘usungamqabul’umlingani wakho’ Abuke amadoda amabili eqabulana! Bebeshadiswa! Ibandla lishay’izandla! Kuphunye kuhalaliswe kube njeya!

Ucabanga ukuthi uyophuma aziqhenye ukuthi umsebenzi awushiye emhlabeni wenziwa ngendlela ekahle? Angaziqhenya yini ngami nangawe?

Lendaba singayiqhuba kuze kuhlwe. Ngimane nje ngiyabuza, “Ukube uJesu Kristu ubengabuya namuhla, ubezoya kweliphi isonto?”