Baningi abazibiza ngokuthi bangamaKristu namuhla. Mihla
nezolo, kuqubuka eziningi izinkonzo, zonke zithi ziphethe iqiniso ngevangeli
nangobuKristu. Ngokokucwaninga kwe Centre
for the Study of Global Christianity, kucatshangelwa ukuthi kunamahlelo
angaba ngu 43000 ngo2013, ekhula ngesibalo esingu 1200 ngonyaka emhlabeni
jikelele! Ukube uJesu Kristu ubengabuya namuhla, ubezoya kweliphi isonto?
Wena ucabangani? Ingabe ubezojabulela ukuya kwelamagatari, kukhal’iPiano,
nesgubhu, namaTweeter, kujayivwa kuze
kujuluk’indoda, konke lokhu kwenziwa ngegama lakhe? Ubezoya kwelishumayela
ngokuthi ‘nikela kakhulu ukuze uNkulunkulu akubusise’, abe ebukel’uPastor
ehhamba ngonyonyovu lwe 4x4 langaphandle ehlala kwekanokusho indlu? Ucabanga ukuthi
ubengajabula ebuke amakholwa enikela abe eshiya ekhaya kulanjwa ngoba kuthiwa
kunikelelwa kuYe? Yona leyomoto kanokusho, ubengajabulela ukuyigibela, noma
ajabulele ukumenywa kwamfundisi ebucwazicwazini kuyilapho abalandeli bakhe
behlwempuzile? Ake sithi uyadlula abone esikhul’isakhiwo lesi! Naso sibizwa
ngesonto lobuKristu. Uma engena uthola sigcwele izithixo okuthiwa ngesakhe
nesikanina uMariya! Hhaw! Ngoba washo ngokwakhe nje ukuthi kumelwe kukhulekelwe
uBaba osezulwini kuphela, manje yini le abantu abayenzayo, beqoshama uma befika
kulezizithombe benza nophawu lukaBathathu emunye (Trinity)! Akazange yini
uNkulunkulu abashaye abakwaIsrayeli ebathola bekhulekel’ithole legolide bethi
limelel’uNkulunkulu! Uma esathi ubhekile kushiswa impepho langaphakathi,
uyazibuza, “Kaze bakuthathaphi-ke lokhu ngoba angizange ngikwenze lokho
nabaPhostoli bami!” Uma ebuka nje inqubo yalaph’ekhaya uyezwa ukuthi Abefundisi
noma oFata abavunyelw’ukushada! Ngenxa yalokhu naba bezitika ngobungqingili
kuze kuyosho kubabhishobhi babo! Azithulele angasho lutho! Uma ebuka izincwadi
zomlando wabo,ufunda ukuthi babebashisa nangomlilo abantu ababetholakala
benamaBhayibheli emizini yabo! eRwanda batholakala bethengisa amaHutu
kwizishokobezi zamaTutsi! Eziningi zezimfundiso zabo zingamasiko obuqaba,
akhulekela oonkulunkulukazi oEsther nonogwaja; kugujwa nezinsuku zokuzalwa
konkulunkulu welanga bakushintsha lokho bathi uKhisimuzi, okungelona usuku
azalwa ngalo, nayengakushongo kubafundi bakhe ukuba bakugubhe. Kuvelaphi konke
lokhu! Kubhajadiswa izintsana lapha! Zazini izingane ngokuba ngumlandeli
wakaKristu! Zifunde nini zazikhethela ukuba ziyoba ngamaKristu!
Uma ephuma ezwe nabanye bememeza “In the name of Jesus…”
Hhaw! Asondele. Uma esalalele nabo besho ngezilimi ezingaziwa-muntu! “Lokhu ke
bakuthathaphi ngoba mina abafundi bami ngabapha isipho sezilimi ukuze
bashumayele kwabangemaJuda. Izinhlanga ezazihlangene eJerusalema ngalezozinsuku
zamangala ukuthi ‘laba ngoba ngabaseGalile, kungani sibezwa bekhuluma izilimi
zakithi?’ Kwamina angizazi lezi izilimi engizizwa zikhulunywa lapha! ” Aphume
adlulele phambili abone ithende linabantu abaningi. Kuyaphulukiswa la! Uma
esondela kunabahlezi kumaWheelchair, eze uPastor abathinte baphile beme
ngezinyawo! Kodwa ngoba wazi konke athi “Lomuntu ngoba akazange akhubazeke nje!
Ubezihhambela izolo futhi wanikwa nemali ukuba athi ukhubazekile, sekelashwe
kanjani? Ngibona nangu owesifazane owalapha endaweni, wonk’umuntu uyamazi
ukuthi wayekhubazekile kwasekuzalweni. Kungani yena engaphulukiswanga bethi
kungenxa yokuthi akanakholo! Kanti mina ngangiphulukisa abanokholo kuphela yini?
Angizange yini ngiphulukise abanochoko abayishumi, kepha kwaba ngoyedwa kuphela
ongibongayo? Angizange ngibabalele isono laba abawu9! Pho kungani bekhipha
imali laba abaphulukiswayo ize igcwale amabhakede? Angikaze ngkhokhise noyedwa
kwengangibaphulukisa ngiselapha emhlabeni! Ngezani lezipelete abafakwa zona
nenyufomu yekhakhi? Angikaze ngikwenze mina lokhu? Kuvelaphi konke lokhu?
Lamanyufomu agcwele kuwowonke lamasonto ngawani? Ezimhlophe, eziluhlaza,
eziphuzi, kuvelaphi konke lokhu?”
Aphume athole abanye behlangene kwiHolo elincane nje. Ahlale
phansi alalele, Uma ebheka la, abesifazane bazifakele amabhulukwe. Amakhosikazi
ayashumayela phambili! Esabamb’ongezantsi uzwa kushunyayelwa ngobungqingili.
“Kuyamukeleka kuNkulunkulu.” Kwayena lomfundisi ungungqingili.
Esath’ucabang’ukuthi yinkonzo kanti ngumshado. Hhaw! Kungena amadoda amabili
abambene ngezandla, athul’acabange ukuthi baseza omakoti. Esalindel’ukubona
omakoti ezwe sekuthiwa, ‘usungamqabul’umlingani wakho’ Abuke amadoda amabili
eqabulana! Bebeshadiswa! Ibandla lishay’izandla! Kuphunye kuhalaliswe kube
njeya!
Ucabanga ukuthi uyophuma aziqhenye ukuthi umsebenzi awushiye
emhlabeni wenziwa ngendlela ekahle? Angaziqhenya yini ngami nangawe?
Lendaba singayiqhuba kuze kuhlwe. Ngimane nje ngiyabuza,
“Ukube uJesu Kristu ubengabuya namuhla, ubezoya kweliphi isonto?”